... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngokunganakiwe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KuThithu 1:8 Kepha ophatha kahle izihambi, othanda okuhle, oqondileyo, olungileyo, ongcwele, ozithibayo.

Ngesikhathi ngiqhubeka ngibuka izimpilo zabantu ngamunye kusikhathi sinye ngikuvuma ngokungananazi ukuthi sonke sibhekene nemizabalazo yethu ngamunye .Kuwe kunjani  ?

Yebo zikhona izinkathi lakhona  konke kuzolile kuthule nesibhakabhaka sisihle sicwathile  .Kodwa akuthathi sikhathi eside zisuke izibhelu  ,nakhu sekuqhamuka umzabalazo ,ungqubuzano oluthile ,utho oluthile oluziveza isikhophoco sobuso balo obubi ,angithi kubanjalo ?  

Futhi kulezozikhathi sonke singalula isandla ,sonke singaduduza umngani .Futhi ngokugqoka izicathulo zalo othwele kanzima ,sonke singakwenza ngokwesikhathi akuso ,sonke singaba yilomngani olusizo olula isandla komunye .

Omunye athi ngempela ngakube kumele ngenze njalo . Yebo hleze kungaba lula .

UPhawuli umphostoli wayebhalela umngani wakhe uThithu emchazela ukuthi kuyini futhi kudingeka ube njani ze ube ngumholi  –futhi ngesikhathi sibuka yonke le qualification edingakalayo kunotho kuyo olubukeka luluncane olungathi shazi emehlweni ethu lusidukele kalula .

KuThithu  1:8 Kepha ophatha kahle izihambi, othanda okuhle, oqondileyo, olungileyo, ongcwele, ozithibayo.

Yebo nebala umholi ufanelwe ukuba ngomuhle ,ohlakaniphile ,ozinikele ,othokozisa uNkulunkulu ,ozithibayo .Konke  lokho kuyawakha umqondo .Kodwa kunokuncane okungaduka emehlweni kalula singakuboni  angithi ?

Kepha ophatha kahle izihambi

Isenzo esisobala sokwazisa abantu mabevakashile ,ukuthi qhabu inkomishi yetiye ndawonye ,isidlo nindawonye yebo inhlanganyelo .Imvamisa kubiza lokho kakhulu .Yiba ngolungele ukumukela abantu uma bekuvakashele ekhaya lakho .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy