... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Gxoba Endleleni Enhle

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 12:28 Endleleni yokulunga kukhona ukuphila ,nalapho umkhondo wakho udlula khona akukho ukufa .

Listen to the radio broadcast of

Gxoba Endleleni Enhle


Download audio file

Uhambo lwendlela luba namajika amaningi nezintaba futhi nabantu abaningi abahle .Ngokungangabazi ungakwazi ukubuka emumva qede ubone ukuthi isinqumo esincane owasenza ,saguqula indlela yohambo lwakho sakunika umphumela oguqule impilo yakho yonke .

Iminyaka eminingi emva kokuzinikela kuJesu ,ngazithela kwelinye ibandla elalinganakekile ,ngakho ngahlela ukulivakashela ngeSonto elizayo.Nebala ngayo kulo ngaleloSonto .

Ngokumangala emehlweni ami ayengathokozile ,nangaphakathi lalibukeka linakho konke okunganakekile kungahlabi umxhwele ndlelanye nokungaphandle .Kodwa ngalabo abantu abahle  uNkulunkulu wayiguqula ngokuphelele impilo yami .

Ngelinye iSonto ngathatha ipheshana lasesikoleni seBhayibheli ngakho ngalifunda qede nganquma ukuyofunda nami ,njengoba uye wenze uma usanda kuba  nguMKhrestu ucosha kwasani ekhuluma ngenkolo yakho entsha ozinikele kuyo.

Futhi nangu mina namhlanje senginawe emva kweminyaka zonke lezinqumo ngazenza zangiholela ekutheni ngigcine ngiba ngummemezeli wezindaba  ezinhle .

Cabanga nje ! Izinqumo ezincane .Zinomphumela omkhulu .

Ngokwami ngangingacabangi kangako ngokwakuphambi kwamehlo ami ukuthi kuyongiholela ohambweni olude kangaka .

Kodwa manje ukhetha kanjani ,ukhethe kanjani indlela eyiyo mawuhlangana nomuntu endleleni ,ngoba nebala uzohlangana naye ?  

Izaga  12:28 Endleleni yokulunga kukhona ukuphila ,nalapho umkhondo wakho udlula khona akukho ukufa .

Hlala njalo ukhetha indlela yobuhle .Nkathi ulandela uJesu ,kusikhathi sinye umqondo wobuhle ,kumbe wokulunga njengokuba isiHebheru sibeka kanjalo  ugcina uba yimpilo kuwe. Ukulandela uJesu kufana nokufundiswa usangena emsebenzini ukuthi okuhle ukulunga kuyini .

Endleleni yokulunga kukhona ukuphila ,nalapho umkhondo wakho udlula khona akukho ukufa .Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.